Owayengungqongqoshe kwesobumeya eTshwane

Iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), ligcine limemezele ukuthi ubani elizogadla ngaye kuMasipala wase-Tshwane, e-Gauteng.

Lokhu kuza emva kokuthi leli qembu limemezele abantu abazolimela njengezi-meya (mayoral candidates) uma linqoba komasipala abahlukene okhethweni olubhekwe ngabomvu mhla zintathu ku-August 2016.

Kodwa-ke emagameni abantu abazomela iqembu komasipala abahlukene, amenyezelwe ngoMgqibelo, belingekho igama lozomela i-ANC komunye womasipala abangama-metro, i-Tshwane. Leli qembu lithe belisaxhumana nezinhlaka zeqembu kwi-region.

Ilunga le-National Executive Committee (NEC) kwi-ANC, uThoko Didiza, kugcine kuqinisekisiwe ukuthi uyena leli qembu elizofolosa ngaye emva kokuqagula emithonjeni yabezindaba ukuthi kungase kube nguye uqokwayo.  

Udidiza wayenguNgongqoshe emnyangweni waka-Public Works kanti ubekade enguSihlalo ephalamende.

Uzothatha izintambo kulowo obeyi-Meya e-Tshwane, u- Kgosientso Ramokgopa.

Kubikwa ukuthi kunelunga le-ANC elidutshulwe labulawa ngenkathi kuqhubeka uhlelo lokukhetha ozomela leli qembu njenge-meya yase-Tshwane.

Amaqembu aphikisayo ikakhulukazi i-Democratic Alliance (DA) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) awuconsela amathe lo masipala kanti nemibiko yabacwaningi iveza ukuthi ukwesekwa kwawo kuyakhula kulo masipala.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ANC facebook page

Related Posts