Uzame ukudlula ngejubane ‘ephethe’ izidakamizwa

Uphiko lwe-South African Revenue Services Customs lubophe umgibeli osolwa ngokubanjwa nephakethe eliqukethe isidakamizwa sohlobo lwe-ephedrine nesilinganiselwa enaniini eliyizi-R4 837 380.

Kubikwa ukuthi lo mgibeli ubeqeda kwehla evela ezweni lase-Kenya nalapho ebe esezama ukuthi adlule ngesivinini kuma-Custom officials.

Kuthiwa izinja kube khona ezikusolayo esikhwameni salo mgibeli. Kube sekwenziwa uphenyo ngokuthi kufakwe lesi sikhwama kwi-scan nesibe sesidalula ukuthi lesi sikhwama besigcwele amaphakethe amahlanu esidakamizwa sohlobo lwe-crystal methamphetamine.

Kwesinye isigameko, uphiko lwezinja lwaka-SARS lubambe isidakamizwa sohlobo lwe-cocaine esingabiza u-R1.2 million.

Lokhu kwenzeke njengoba kade kuhlolwa indiza ebivela e-Sao Paulo, ezweni lase-Brazil.

Kubikwa ukuthi umseshi wophiko lwezinja kwa-SARS uthole isudi ebifihlwe endlini yangasese ebhanoyini.

Kube sekutholakala isidakamizwa sohlobo lwe-cocaine sifihlwe kuyo le sudi.

Umsolwa ube esenikelwa emaphoyiseni.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts