Isexwayiso nge-SMS yemali ‘kwabathathwe’ umasipala

uMasipala weTheku usukhiphe isexwayiso ngomyalezo we-cellphone (SMS) okuthiwa ulokhu uthunyelelwa abahlali abaningi ababefake izicelo kuhlelo lwamasipala lokuqeqeshwa ukuze babe ngama-artisan (learnerships) nalapho kuthiwa bayalelwa ukuba bakhokhe imali ethize kumasipala.

 Ngokusho kwalo Masipala le-SMS yazisa labo abafake izicelo ukuthi izicelo zabo ziphumelele ngakho kuzomele bakhokhe imali engu-R2000 ukuze izicelo zabo zibhekisiswe.

Oyi-Head of the eThekwini Municipal Academy, u-Dr Mpilo Ngubane, uthi awekho ama-learnership adayisayo kumasipala wathi futhi ukufakwa kwezicelo kulolu hlelo kwavalwa ngoLwesihlanu, mhla zingama-10 June 2016.

“Uma kwenzeka abafake izicelo bethola noma yimiphi imiyalezo, kumele bayiqinisekise ehhovisi lokufaka izicelo likamasipala,” kusho uNgubane egcizelela ngokuthi umasipala angeke usebenzise ama-SMS ukuthi wazise abaphumelele.

Umasipala uthi izikhala zemisebenzi kumasipala zikhangiswa kuma-notice boards amasipala, zishicilelwe kwiphephandaba likamasipala, eZasegagasini Metro, kanjalo nakwi-website yamasipala engu: www.durban.gov.za.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts