Kudutshulwe, kwashona ababili kutatshwa ezitolo

Abantu ababili badutshulwe babulawa ngenkathi umphakathi uzitapela ezitolo zabokufika eMamelodi, eTshwane, ngoLwesithathu. 

Lokhu kuza njengoba umphakathi ulokhu uqhubeke njalo nemibhikisho enodlame kusukela ngoMsombuluko.

Umphakathi ongaphansi kwamasipala i-Tshwane, nokukholakala ukuthi ungabalandeli be- African National Congress (ANC), uvele wavuka umbhejazane kulandela ukuqokwa kwa-Thoko Didiza njengozomela i-ANC komunye womasipala ababangwa kakhulu amaqembu ezepolitiki futhi oyi-Metro, i-Tshwane.

Ababhikishi bathi abafuni kwakuyizwa indaba ya-Thoko Didiza, ophinde abe nguSihlalo wephalamende, kanti bathi bafuna kubuyiselwe lowo oyiMeya, u- Kgosientso Ramokgopa.

NgoLwesithathu kubikwe izigameko eziningi zokuzitapela ezitolo zabokufika kanti bangamashumi amane (40) sebebonke abantu ababoshiwe ngamacala okudala udlame emphakathini, ukweba  kanye nokutholakala nempahla eyebiwe.

Phakathi kwamalokishi okudlange kuwo izigameko zodlame kubalwa kuwo i-Mamelodi, i-Atteridgeville, i-Hammanskraal, i-Soshanguve, i-Mabopane, i-Hercules kanye ne-Hatfield.

Imininingwane mayelana nalaba abadutshulwe bashona ayicaci njengoba amaphoyisa ethi asaphenya.

Amaphoyisa nohulumeni sebezigxekile lezi zenzo zodlame nobugebengu.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: youtube.com

 

Related Posts