Babalelwa emakhulwini ayisikhombisa (70) abantu abalimele ngenkathi kutholana phezulu izitimela ezimbili ezithutha abantu e-Lamontville, eningizimu neTheku.
Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi babizwe endaweni yesigameko emva kwehora lesithathu ntambama, ngoLwesine.
Bathi bathole esinye salezi zitimela sithe ukuphuma emzileni kanti esinye besilimele kabi kwelinye lama-coach aso.
“Abagibeli abaningi abebesesitimeleni bebetholakala behleli noma belele eduze nesitimela eduze nojantshi wesitimela. Kukholakala ukuthi baphume esitimeleni emva kokushayisana,” kubika abakwa ER24.
Baqhube bathi abantu abalinganiselwa kuma-70 balashelwe ukulimala okwehlukene okubalwa kukho amanxeba avulekile, ukulimala kwesikhumba kanye nokulimala okuthinta umugogodla.
Kubikwe ukuthi bonke abalimele baye balashelwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezihlukene okubalwa kuzo i-Prince Mshiyeni kanye ne-Inkosi Albert Luthuli Hospital.
Abekho abantu okubikwe ukuthi balimale kakhulu noma abashonile kodwa imibiko yakamuva iveza ukuthi balinganiselwa kuma-80 abantu okutholakale ukuthi balimele nokwenza ukuthi singacaci kahle isibalo sabantu abalimele.
Image: ER24