Sebeqembukele kwi-DA abebeseka i-ANC eKapa

Omunye wabaholi benhlangano yomphakathi, i-Seskhona Peoples Rights Movement, usephumele obala ngokuseka i-Democratic Alliance (DA) kulandela ukudalula kwale nhlangano ukuthi angeke isayeseka i-African Nationa Congress (ANC) okhethweni.

uLoyiso Nkohla, waduma kakhulu kulandela imibhikisho yezindlu zangasese neyaholela ekutheni kuchithwe indle esikhumulweni sesindiza, i-Cape Town International Airport, kanye naphambi kwesishayamthetho sase-Western Cape.

Lokhu kwamdalela amazinyo abushelelezi njengoba i-ANC yamxosha ngokuthela iqembu ngehlazo.

NgoLwesine uNkohla kanye nabanye abangama-500 abebengamalunga e-ANC bajoyine i-DA, belaxaza i-ANC ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016.

Umholi we-DA e-Western Cape, u-Patricia de Lille, uthi bajabule kakhulu njenge-DA ukwamukela la malunga avela kuKhongolese.

“Sijabule kakhulu ngokusebenzisana nani nonke. Ngiphinda ngibheka phambili ukusebenzisana namalunga ayi-100 e-ANC esiwamukele e-Barcelona, eGugulethu, izolo.

“i-ANC isishintshile. Isikhathazeke kakhulu ngokuzicebisa okunokusiza abahlwempu. i-ANC edolobheni i-Cape Town isisebenzise izinhlangano eziningi esikhathini esidlule ukuze yenze iDolobha lingabuseki. Kodwa kusobala ukubona ukuthi amalunga amaningi e-ANC aseluchithile lolu hlelo.

“ Bayazi ukuthi i-DA yiqembu elisebenza kanzima ukuhambisa izidingo kuyo yonke imiphakathi, futhi ikakhulukazi kwabahluphekayo. Abafuni ukuba yingxenye yalolu hlelo lwenkohlakalo. Bafuna ukuba yingxenye yenqubekela phambili eyenziwa yi-DA,” kubeka u-de Lille.

uNkohla akakezukwazi ukuthatha ubulunga be-DA njengoba esabhekene nengalo yomthetho.

Kodwa-ke i-ANC ithi liphume nobumvu yathi vele uNkohla ungumuntu ongaziphethe kahle.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: DA Facebook page

Related Posts