Luzoba yiholidi usuku lokuvota: uMengameli

uMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, usememezele umhlaka-3 August 2016 ukuthi kube yiholidi njengoba kuwusuku okuzobanjwa ngalo ukhetho lohulumeni basekhaya kuleli.

uMengameli wenze lesi simemezelo ngoLwesihlanu kanti inhloso ukunikeza zonke izakhamizi zakuleli ezikulungele ukuvota ukuba zisebenzise ilungelo lazo.

“Ukuvota yilungelo elibalulekile elikuMthethosisekelo wethu. Kubalulekile ukuthi izakhamizi zinikezwe ithuba lokusebenzisa leli lungelo ngokukhululeka,” kubeka uZuma esitatimendeni.

Uphinde wangeza nangokuthi uhulumeni wasekhaya yiwona osondelene kakhulu nabantu waphinde wanxusa bonke abantu abalungele ukuvota ukuba baphume ngobuningi mhla zintathu ku-August 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts