Sekuqalwe uphenyo ngengozi yokushayisana kwezitimela

Sekuqaliswe uphenyo ngembangela yengozi yokushayisana kwezitimela ezimbili neholele ekulimaleni kwabantu abangaphezu kwe-120 e-Lamontville, eningizimu neTheku.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi babizwe endaweni yesigameko emva kwehora lesithathu ntambama, ngoLwesine.

Bathi bathole esinye salezi zitimela sithe ukuphuma emzileni kanti esinye besilimele kabi kwelinye lama-coach aso.

“Abagibeli abaningi abebesesitimeleni bebetholakala behleli noma belele eduze nesitimela eduze nojantshi wesitimela. Kukholakala ukuthi baphume esitimeleni emva kokushayisana,” kubika abakwa ER24.

uNgqongqoshe wezokuthutha, u-Dipuo Peters, ukuqinisekisile ngoLwesihlanu ukuthi ibhodi elihlanganisa u-Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) kanye no-Transnet lizophenya ngembangela yokushayisana kwalezi zitimela zombili.

Kubikwa ukuthi lezi zitimela zitholane phezulu phakathi kwe-Havenside kanye ne-Merebank ngaphansi kwebhuloho.

Uphenyo lwesikhashana lukhomba ukuthi ukhona umuntu obe nephutha ehhovisi elilawula ukuhamba kwezitimela ngenxa yokuthi zombili izitimela ziye zavunyelwa ukuthi zihambe emzileni owodwa ngesikhathi esisodwa.

Abagibeli abangama-121, okuhlanganisa nabashayeli ababili kanye nonogada ababili baka-Metrorail, bathole ukulimala okungatheni kanti sebekhishiwe esibhedlela.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts