Sesibuyela kwesijwayelekile isimo eTshwane

Isimo siya ngokubuyela kwesejwayelekile eTshwane kulandela imibhikisho ebihambisana nodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla emalokishini ahlukene kule ndawo.

Le mibhikisho yaqala emva kokumenyezelwa kwa-Thoko Didiza njengozomela i-African National Congress (ANC) njengeMeya yaseTshwane uma leli qembu linqoba okhethweni lwamhla zintathu ku-August 2016.

Lokhu kwalandelwa yizigameko eziningi zokushishwa kwamabhasi angaphezu kwama-22, imoto yamaphoyisa kanye neloli.

NgoLwesine siye safinyelela kwabahlanu isibalo sabantu asebeshonile sebebonke ezigamekweni ezihlukene ezihlobene nalo mbhikisho.

Kuphinde kwaba nezigameko eziningi zokuzitapela ezitolo zokudla, ezefenisha kanye nezokugqoka.

Bayi-150 abasolwa ababoshiwe ngamacala ahlukene okubalwa ukudala udlame emphakathini, ukugqekeza, ukweba, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthwethweni kanye nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.

Abanye babasolwa abebevele enkantolo ngoLwesine baye banqatshelwa ibheyili kanti umbuso kulindeleke ukuthi uphikisane nokuthi laba kanye nabanye banikezwe ibheyili.

Kodwa-ke nakuba isimo sesithanda ukudamba ezindaweni eziningi eTshwane, uhulumeni uthi i-Mabopane kanye ne-Soshanguve izindawo ezibonakala zingakazinzi kahle.

Phakathi kwamalokishi obekudlange kuwo izigameko zodlame kubalwa kuwo i-Mamelodi, i-Atteridgeville, i-Hammanskraal, i-Soshanguve, i-Mabopane, i-Hercules kanye ne-Hatfield.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikimedia.org

Related Posts