UZuma sekumele abhekane namacala enkohlakalo manje: DA

i-Democratic Alliance (DA) ithi akusekho ukujikela emuva, sekuyisikhathi manje sokuthi uMengameli wezwe, u-Jacob Zuma, aphinde abhekane namacala angama-783 enkohlakalo kanye nokukhwabanisa ayekade ebekwe wona.

Lokhu kulandela ukuchithwa kwesicelo ebesifakwe abameli baZuma kanye ne-National Prosecuting Authority (NPA) yi-North Gauteng High Court sokunikezwa igunya lokudlulisa isinqumo esathathwa yiyo le nkantolo ngenkathi inquma ukuthi kumele sibuyiselwe eceleni futhi sibuyekezwe isinqumo sokuhoxisa amacala enkohlakalo nokukhwabanisa ayebhekene noZuma.

Ngo-April 2016 le Nkantolo eNkulu yasePitoli yanquma ukuthi sasingekho isizathu sokuthi kuhoxiswe amacala ayebhekene noZuma ngakho kumele sibuyiselwe eceleni futhi sibuyekezwe.

Ngaphambi kokuba abe nguMengameli wezwe, uZuma, wayebhekene namacala angama-783 enkohlakalo nokukhwabanisa okuyamaniswa nesivumelwano sokuthengwa kwezikhali esaziwa nge-Arms Deal nesadla ama-billions amarandi.

i-DA ithi ijabule ngalesi sinqumo senkantolo yathi futhi sifakazela ukuthi akekho umuntu ongaphezulu noma okumele abe ngaphezulu komthetho.

“Ngokwalesi sizathu ukushushiswa kwaMengameli Jacob [Zuma] kumele kuqhubeke futhi kumele abe nosuku lwakhe enkantolo njengoba ehlale ethi uyalufuna,” kubeka i-DA igcizelela nangokuthi lokhu kusho ukuthi amacala asebuyisiwe ngakho sekusele ukuthi i-NPA inikeze uZuma usuku azovela ngalo enkantolo.

Leli qembu lithi likholwa ukuthi la macala ahoxiswa ngezizathu eziphathelene nezepolitiki.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Flickr.com

 

Related Posts