Kushone owesifazane kwaphinde kwalimala intombazane esencane ngenkathi kushayisana imoto kanye nebhasi emgwaqeni onguthelawayeka, u-N12, ngaphandle kwase-Fochville, e-Gauteng.
Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola lo wesifazane esahleli ngaphakathi emotweni ngoMgqibelo, ntambama.
Bathe uma bemhlola bathola ukuthi usedlulile emhlabeni. Ube esehlonzwa njengomuntu oseshonile ngabakwa-ER24 khona endaweni yesigameko.
Lo wesifazane kukholakala ukuthi uphakathi kweminyaka angama-20 kuya kwengama-30 ubudala.
“Intombazane esencane nayo ebihamba ngemoto nayo ilimele. Ilashiwe yabe isiphuthunyiswa esibhedlela,” kubeka abakwa-ER24.
Akekho okubikwe ukuthi ulimele obesebhasini.
Image: ER24