Zilandiwe izimpahla ‘ezebiwe’ kunemibhikisho eTshwane

Amaphoyisa athi asethole inqwaba yezimpahla okusolakala ukuthi ezinye zalezo ezebiwe ngenkathi kunemibhikisho ebihambisana nodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla eTshwane, e-Gauteng.

Le mibhikisho yaqala emva kokumenyezelwa kwa-Thoko Didiza njengozomela i-African National Congress (ANC) njengeMeya yaseTshwane uma leli qembu linqoba okhethweni lwamhla zintathu ku-August 2016.

Kwaphinde kwaba nezigameko eziningi zokuzitapela ezitolo zokudla, ezefenisha kanye nezokugqoka.

Amaphoyisa aqhube umkhankaso ezindaweni obekudlange kuzo imibhikisho ezifana ne-Central City Mall, eMabopane, kanye ne-Batho Plaza, eku-Block KK, eSoshanguve.

Izotolo ezifana no-Pick n Pay, u-Shoprite kanye no-Fair Price zingezinye zezitolo abantu abebezitapela kuzona.

“Ngesikhathi somkhankaso, oqale ngabo-9am, sithole izimpahla ezebiwe ezintsha ezifana nemibhede, ama-plasma television, ama-fridge kanye nezinto zokugqoka abantu abangakwazanga ukuqinisekisa ngobufakazi bokuzithenga.

“Uma abantu befuna ukuqinisekisa ukuthi ezabo izimpahla kumele balethe ama-receipts kuthina ngaphambi kokuba sizidedele,” kubeka iphoyisa ebelihola lo mkhankaso, u-Major General Daniel Mthombeni.

Uphinde waveza nokuthi iningi lezimpahla ezitholakele bezingakavulwa emabhokisini.

Bangaphezu kwama-200 abantu asebeboshiwe kusukela kuqale le mibhikisho ngoMsombuluko kanti bahlanu abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 Image: Wikimedida.org

Related Posts