Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

Ungqongqoshe wezolimo kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya e-Limpompo, u-Joyce ‘Joy’ Matshoge, ushone engozini yemoto emgwaqeni onguthelawayeka u-N1, eduze nase-Mokopane, ngoMgqibelo ebusuku.

Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe ekuseni ngeSonto uhulumeni wesifundazwe e-Limpompo. Kubikwa ukuthi ubesendleni ebheke e-Gauteng.

Kukholakala ukuthi ubeyedwa emotweni ngenkathi kwenzeka ingozi kanti imoto yakhe yiyo kuphela ebe sengozini.

u-Matshoge uke wasebenza esibhedlela i-Natalspruit Hospital nalapho aqala khona ukusebenza njenge-clerk.

Waphinde wasebenza komasipala abahlukene okubalwa kubo i-Modimolle Local Municipality kanye ne-Waterberg District Municipality. Ngaphezu kwalokho waphinde waba yilunga lesishayamthetho e-Limpompo.

Ngale kokuba ungqongqoshe ubephinde abe nguSihlalo we-African National Congress Womens Legue (ANCWL) khona e-Limpompo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Limpompo Government

Related Posts