U-Eskom uphakamisa ukunyusa amaholo ngo-7%

Isikhondlakhondla senkampani ephehla ugesi kuleli, u-Eskom, sesenze isiphakamiso sokunyusela bonke abasebenzi baso amaholo ngo-7% njengoba ziqhubeka izingxoxo zokunyuswa kwamaholo  phakathi kwale nkamphani kanye nezinyunyana ezihlukene.

u-Eskom uthi lesi siphakamiso sika-7% sekungesokugcina osenzayo kulezi zingxoxo ezaqala ngenyanga ka-May 2016.

Phakathi kwezinyunyana ezibambe iqhaza kulezi zingxoxo kubalwa i-National Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA), i-National Union of Mineworkers (NUM) kanye ne-Solidarity.

Ngokusho kwa-Eskom izinyunyana zibeke izimfuno ezahlukene okubalwa kuzo ukunyusa amaholo ngenani eliphakathi kuka-9.5% kanye no-20%.

Emva komzuliswano wesithathu wezingxoxo le nkampani ithi izinyunyana zacela isikhathi sokuba zixhumane namalunga azo ngaphambi kokuba zibuyele etafuleni lezingxoxo.

Mhla ziyi-13-15 kulindeleke ukuba izinhlaka ezithintekayo ziphinde zibuyele etafuleni nalapho okulindeleke ukuba kubanjwe umzuliswano wokugcina kulezi zingxoxo zamaholo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts