Ugxekiwe obeyisikhulu se-SABC ngemuva kokwesula

Yize noma kukhona asebekhombise ukuzwelana nalowo ebeyisikhulu se-South African Broadcasting Corporation (SABC), u-Jimi Matthews, kulandela ukusula kwakhe kodwa usethole ukugxekwa eqenjini elibusayo kanye nohulumeni.

u-Matthews ubebambe njenge-Chief Executive Officer (Acting CEO) kwa-SABC kanti ngoMsombuluko ufake incwadi yokusula nalapho egxeke khona indlela u-SABC osebenza ngayo wathi akulungile futhi angeke esakwazi ukuqhubeka nokuba yingxenye yakho.

Izindaba zokusula kuka-Matthews zisabalale ekuseni ngoMsombuluko kulandela ukufaka kwakhe isithombe sencwadi yokwesula enkundleni yezokuxhumana, i-Twitter.

uNgqongqoshe wezokuxhumana, u-Faith Muthambi, uthi ukuqaphele ngokukhulu ukukhathazeka ukusula isigubhukane  kanjalo nokusabalala kwezindaba zokusula kuka-Matthews kanye nencwadi yokusula enkundleni yezokuxhumana, i-Twitter.

“Kuyishwa ukuthi uMnumzane Matthews unqume ukujika ukusula kwakhe kube wudaba lwenkunda yezokuxhumana, ngale ngokuveza ukukhathazeka kwakhe ngaphakathi, okukanye adlulise izikhalo zakhe emnyangweni wezokuxhumana,” kubeka u-Muthambi.

uMuthambi uphinde wangeza nangokuthi isikhathi asule ngaso u-Matthews siyasolisa.

Okhulumela i-African National Congress (ANC), u-Zizi Kodwa, naye umgxekile u-Matthews emva kokusula kwakhe wathi uma kukhona okungahambi kahle e-SABC, u-Matthews naye ubeyingxenye yakho.

i-SABC ilokhu isematheni mumva nje kulandela izinqumo nezinguquko eziningi eseziqhamuke noyi-Chief Operating Officer (COO) yayo, u-Hlaudi Motsoeneng.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts