Kugxekiwe ukubulawa kwephoyisa nokuzitapela ezitolo

Uhulumeni usephinde wazigxeka izigameko zokuzitapela ezitolo kwamalunga omphakathi uma ngabe kunemibhikisho.

Lokhu kulandela umbhikisho obunezigameko zodlame nokuzitapela ezitolo e-Diepsloot, e-Gauteng, ngoLwesibili ebusuku.

Kubikwa ukuthi izakhimizi zakule ndawo zithukutheliswe ukungabi nagesi kanye namanzi izinsuku ezintathu.

Iphoyisa elingu-Constable lidutshulwe labulawa ngenkathi kunombhikisho kanti amanye amaphoyisa amabili kubikwa ukuthi aphucwe izibhamu.

Ngaphezu kwalokho kuphinde kwalinyazwa i-ambulance kanti imoto yabacimimlilo yona ijikijelwe ngamatshe.

Obambe njengo-Director-General kwa-Government Communication and Information System (GCIS), u-Donald Liphoko, uthi yize noma abantu benelungelo lokubhikisha kodwa kumele lokho kuhambisane nomthetho futhi kuhlonishwe amalungelo abanye.

“Labo abazotholakala benza inzenzo zobugebengu kuzobhekwana nabo kanzima ngabezomthetho,” kubeka u-Liphoko.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts