Kugxekwe uMotsoeneng embhikishweni wezintatheli nge-SABC

Siphinde sathola okukhulu ukugxekwa isikhulu senhlangano esakaza ngomoya kuleli, i-South African Broadcasting Corporation (SABC) ngenkathi kunemibhikisho eyahlukene ebiholwa ngabemithombo yezindaba ngaphandle kwamahhovisi ale nhlangano, e-Auckland Park, e-Johannesburg, e-Sea Point, e-Cape Town kanye naseThekwini, ngoLwesihlanu.

Le mibhikisho ibihanjelwe yizinhlangano ezahlukene ezingenzi nzuzo okubalwa kuzo nenhlangano yabahleli bezindaba i-South African National Editors’ Forum (Sanef), i-Right to Know Campaign kanye nalowo owayenguNobhala Jikelele we- Congress of South African Trade Unions (COSATU), uZwelinzima Vavi.

Ababhikishi bagxeke lokho abakubize ngokusefwa kwezindaba, nokumiswa emsebenzini kwezintatheli kanye nokusebenza ngokungakhululeki kwezintatheli.

i-SABC ilokhu isematheni mumva nje kulandela izinqumo nezinguquko eziningi eseziqhamuke noyi-Chief Operating Officer (COO) yayo, u-Hlaudi Motsoeneng.

Kusanda kusuka umsindo ngenkathi u-Motsoeneng ememezela ukuthi u-SABC awusezukuyisakaza imibhikisho enezigameko zodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla.

Ngaphambilini kwaba nezinkonondo ngenkathi i-SABC ithatha isinqumo sokuthi angeke zisafundwa izihloko zamaphephandaba kanye nokuvala uhlelo lwe-SAfm lapho kumenywa khona abahleli bezindaba ukuze bahlaziye izindaba ezihamba phambili kulelo sonto.

Ngaphezu kwalokho kusanda kumiswa emsebenzini izintatheli ezintathu ze-SABC ngokungalandeli imigomo emisha yale nhlangano yokungasakazi imibhikisho enodlame.

Kuthe kusenjalo kwaphinda kwabekwa amacala ezinye futhi  izintatheli ezintathu ngezinsolo zokuthi zibhalele u-Motsoeneng incwadi zizwakalisa ukungenami kwazo ngendlela u-SABC osusebenza ngayo.

Ababhikishi bagxeke u-Motsoeneng bathi bamfuna esulile esikhundleni.

“Abasebenzi obekumele babe yingxenye yethu ngehora le-10:00 sebevele bakhiyelwa ngaphakathi ngu-Hlaudi Motsoeneng,” kubeka uVavi mayelana nezinsolo zokuthi u-Motsoeneng ukhiyele izintatheli ze-SABC ngaphakathi emahhovisi ukuze zingabi yingxenye yababhikishayo.

Mumva nje iphephandaba i-Rapport libike ukuthi u-Motsoeneng useyalele izikhulu ze-SABC ukuthi kungabe kusaba khona izindaba ezingezinhle ezibikwa ngoMengameli u-Jacob Zuma ngoba ufanelwe ukunikezwa inhlonipho njengoMengameli wezwe.

Kodwa-ke i-City Press icaphune okhulumela i-SABC, u-Kaizer Kganyago, eziphika lezi zinsolo wathi abantu bayathanda nje ukunaka u-Motsoeneng.

u-Motsoeneng usanda kuzichitha lezi zinsolo nge-SABC wathi iningi labasebenzi baka-SABC bajabule. Waqhuba wathi akazi ukuthi lokhu kusefwa kwezindaba okukhulunywa ngakho kuqhamuka kuphi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts