Kuzoba yimpelasonto yemicimbi nosaziwayo eThekwini

Impelasonto yosuku lokuqala ku-July 2016 kuzoba ngematasatasa kubathandi bombumnandi eNingizimu Afrika njengoba imicimbi emikhulu izobe ithe chithi saka eThekwini, KwaZulu Natali.

Umcimbi obhekwe kakhulu osaziwayo nonontandakubukwa yi-Vodacom Durban July, okuwumcimbi waminyaka yonke wemijaho yamahhashi kodwa odle ngengqephu ikakhulukazi kosaziwayo. Lo mcimbi uzoba se-Greyville Racecourse, ngoMgqibelo, khona eThekwini kanti ingqikithi (theme) yalo nyaka ithi: ‘Leader of the Pack’.  

Kodwa-ke njengokujwayelekile abathandi bobumnandi abalindi uMgqibelo njengoba beqala ukuzidumisa ngoLwesihlanu kuma-pre-party ehlukene okubalwa kuwo i-Ultimate Pool Party, ezobe ise-uShaka Marine World, khona eThekwini.

Emva komjaho wamahhashi ohambisana nobukhazikhazi kanye nemiswenko kuzolandela uchunguchunge lwemicimbi yobumnandi okubalwa kuyo i-Mother of All Parties okuzobe kunandisa kuyona isihlabani somculi wase-America, u-Chris Brown, kanye nomcimbi waminyaka yonke oyi-After Party, i-Fact Durban Rock, okuzobe kunandisa kuwona inqwaba yabaculi  bakuleli njengoba uzoqala ngo-6 ntambama kuze kulamule u-6 ekuseni.

Ngale kwalokho kuzoba nemicimbi eyahlukene emalokishini afana naseMlazi ezindaweni ezifana nase-Max’s Lifestyle, eYadini kanye nase-Artizen Lounge.

Idolobha iTheku lithi lilindele izivakashi ezingaphezu kwa-2 million kanti ilinganiselwa ku-R1 billion imali okulindeleke ukuba ingene emnothweni wedolobha.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Mabala Noise Facebook Page

 

Related Posts