Isiphinde yaba sematheni futhi i-National Freedom Party (NFP) kulandela ukumiswa kwabaholi bayo abane (4) abaphezulu kwabaphinde kwasula abanye ngempelasonto.
Lokhu kuza njengoba leli qembu lisanda kutheleka ngehlazo ngenxa yokuhluleka ukukhokha imali engu-R400 000 eyisibambiso enhlanganweni eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ngaphambi kosuku olungumnqamulajuqu, umhlaka-2 June 2016.
Lokhu kwaholela ekutheni i-IEC ithathe isinqumo sokuhoxisa i-NFP okhethweni lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016. Leli qembu lafaka lolu daba kwi-Electoral Court nenqume ukusigodla isinqumo ngalolu daba.
uNobhala Jikelele we-NFP uNhlanhla Khubisa wathi lokhu kube ngenxa yephutha elenziwa ngumgcinimafa (Treasurer) we-NFP lokuphambanisa izinsuku nokuholele ekutheni imali bangayikhokhi ngesikhathi esifanele. Waphika ukuthi kungenxa yezinkinga zezimali wathi iqembu linemali eyanele kwi-account yalo yasebhange.
NgoLwesine amalunga e-NFP abehlanganele eGugu Dlamini Park, eThekwini, nalapho ebezwakalisa khona ilaka lawo kulandela ukuhoxiswa kwaleli qembu okhethweni.
Amalunga e-NFP agxeka ubuholi baleli qembu ngalokho akubiza ngokuba budedengu ngokuthi buhluleke ukuqinisekisa ukuthi bukhokha imali ngesikhathi esifanele kwa-IEC.
NgoMgqibelo kusihlwa i-National Working Committee (NWC) ye-NFP iye yahlangana kwelinye lamahhotela aseThekwini nalapho ithathe isinqumo sokumisa abaholi abane abasesigungwini esiphezulu saleli qembu.
Abaholi abamisiwe ngu-Xolani Ndlovu (Treasurer), u-Maliyakhe Shelembe (Chairperson), u-Nhlanhla Khubisa (General Secretary) kanye no-Scelo Mabika (Deputy Chairperson).
Ngaphezu kwalokho u-Khubisa kanye no-Shelembe bona bafake izincwadi zokusula nokubuye kwavela izindaba zokuthi u-Khubisa ubuye wakuhoxisa ukusula kwakhe.
i-NFP ithi ikomiti lesikhashana yilona elizothatha izintambo uma ngabe selikhethiwe.
uMengameli we-NFP, uZanele kaMagwaza-Msibi, ucashunwe ethi uyakwamukela ukusula kwalaba baholi wathi iqembu lizinzile futhi lizokwazi ukubhekana nalesi simo. Uthi ukusula kwalaba akuthusi.
Image: www.nfp.org.za