Ayifuni ukugoba uphondo iNFP, ifuna ukuya enkantolo

i-National Freedom Party (NFP) ithi ayikezukuliphonsa ithawula kulandela ukuhoxiswa kwayo ukuthi ingenele ukhetho lohulumeni basekhaya mhla zintathu ku-August 2016.

Inhlangano eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC) ihoxise i-NFP ukuba ingenele ukhetho ngenxa yokuhluleka ukukhokha imali engu-R400 000 eyisibambiso kwa-IEC.

Emva kwalokho leli qembu libe selidlulisela lolu daba kwi-Electoral Court negcine ngokuthi isichithe isicelo salo emva kokuthi iqale yasigodla isinqumo ngoLwesihlanu.

i-IEC ithi njengoba imatasa nokwenza amaphepha anohla lwamaqembu azovotelwa (voter’s roll) i-NFP angeke ize ibonakale kula maphepha.

i-NFP ithi izimisele ukulwa kuze kube sekugcineni ngalolu daba njengoba ithi iyodela ngokuthi ichithwe yiNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi angeke isalungenela ukhetho.

Lokhu kwenzeka nje sekusele isikhathi esingaphansi kwamasonto amathathu ngaphambi kokhetho lwamhlaka-3 August 2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: NFP Facebook Page

Related Posts