Kugxekiwe ukudutshulwa kwabamatekisi eMall yodumo

Ungqongqoshe wezokuthutha e-Gauteng, u-Ismail Vadi, usesigxekile isigameko sokubulawa ngokudutshulwa kwabashayeli ababili bamatekisi e-Mall esanda kuvulwa i-Mall of Africa, e-Midrand, e-Gauteng.

Kubikwa ukuthi labo somatekisi bathelwe phansi ngenhlamvu ngaphandle kwalenxanxathela yezitolo ngeSonto ebusuku.

Lesi sigameko silandela esinye isigameko sokudutshulwa kwabantu abathathu balimala kungakapheli ngisho nesonto kuvulwe le-Mall .

Kwaba nelikhulu isasasa ngenkathi kuvulwa le-Mall mhla zingama-28 April 2016 kanti ingenkulu kunawo wonke eNingizimu Afrika kanye nase-Afrika.

Kukholakala ukuthi ukubulawa kwalaba kuhlobene nombango wemizila yamatekisi oshisa phansi phakathi kososeshini bamatekisi ababanga ukusebenza kuwona.

u-Vadi uthi baphoxeke kakhulu ngalesi sigameko sokudubulana nesenzeke emva kwezinsuku ezimbalwa nje kade bedingida ngezingqinamba ezithinta umkhakha wamatekisi kwi-Taxi Indaba.

“Sinxusa izinhlaka ezithintekayo ukuba ziqhubeke nemizamo yokuxazulula izingxabano ngokuthula,” kunxusa u-Vadi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts