Kulahleke imisebenzi engu-15 000 ekuqaleni kuka-2016

iNingizimu Afrika ilokhu iqhubeke njalo nokulahlekelwa yimisebenzi emikhakheni eyahlukene selokhu kuqale unyaka ka-2016.

Lokhu kuvele kumphumela wezibalo zakamumva zemisebenzi, ze-quarter yokuqala, ezikhishwe abakwa-Statistic South Africa ngoMsombuluko.

Lezi zibalo ziveza ukuthi imisebenzi yehle ngo-0.2% kwi-quarter yokuqala ka-2016 uma kuqhathaniswa ne-quarter yesine onyakeni ka-2015. Lokhu kungenxa yokuthi kubasebenzi abangama-9 273 000, abayi-15 000 babo sebelahlekelwe imisebenzi.

Imisebenzi ilahleke kuyo yonke imikhakha ngaphandle komkhakha we-community service, i-construction kanye nomkhakha wagesi.

Emikhakheni eshayeke kakhulu kubalwa umkhakha wezokuhwebelana (-1.8%), owezokuthutha (-1.1%), ezokumbiwa (-0.9), i-manufacturing (-0.7%) kanye nezamabhizinisi (-0.4%).

Ilokhu iqhubeke njalo ukulahleka imisebenzi embonini yezokumbiwa nokuyinto esiyenzeke ama-quarter ayi-6 elandelana. Kwi-quarter yokuqala onyakeni ka-2016 isibalo sabasebenzi ezimayini sehle ngabasebenzi abangu-4 000.

Lokhu kulandela ukwehla ngo-17 000 okubonakale kwi-quarter yesine onyakeni ka-2016.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

Related Posts