Usuku lokugcina lwezicelo zokuvota ngokukhethekile

Abavoti baseNingizimu Afrika sebesalelwe yisikhathi esincane ngaphambi kokuba kuvalwe ukufaka izicelo zokuvota ngokukhethekile enhlanganweni eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC).

i-IEC ithi isikhathi esingumnqamulajuqu sokufakwa kwezicelo zokuvota ngokukhethekile kuzoba uLwesihlanu ngo-5pm.

Ukuvota ngokukhethekile kulungele bonke abavoti ababhalisele ukuvota okuhlanganisa abantu abakhubazekile, ababuthakathaka, kanye nabakhulelwe.

Abanye abantu abangasebenzisa lolu hlelo abantu abaphoqeleka ukuba basebenze ngosuku lokuvota okubalwa kubo abezokuvikela, izikhulu zokhetho, kanye nabezindaba.

Ngokusho kwa-IEC, zimbili izinhlobo zokuvota okukhethekile. Okokuqala ukuvakashelwa ekhaya yizikhulu zakwa-IEC okukunye uvotele esiteshini sokuvota. Kodwa-ke abavoti abakhubazekile, ababuthakathaka kanye nabakhulelwe kuphela abakwazi ukuvotela emakhaya.

Ngokwa-IEC, zingama-285 000 izicelo asebezitholile zabacele ukuvota ngokukhethekile kanti ezingama-30% kuzona ngezabacele ukuvotela emakhaya.

Okukuqala ngqa izicelo zokuvota ngokukhethekile ziyatholakala-online noma kwi-website yakwa-IEC engu-www.elections.org.za.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts