Ugwetshwe iminyaka engu-6 u-Oscar Pistorius

Ugwetshwe iminyaka eyisithupha (6) ebhadla ejele umsubathi okhubazekile (Paralympian), u-Oscar Pistorius, ngecala lokubulala owayeyisinqandamathe sakhe, u-Reeva Steenkamp.

Ukuboshwa kwalo msubathi kumayelana nesigameko esashaqisa abaningi ngenkathi u-Pistorius ethela isinqandamathe sakhe ngenhlamvu ngosuku lwezinthandani, i-Valentine’s Day, ngonyaka ka-2013.

u-Jaji Thokozile Masipa ukhiphe lesi sinqumo ebesibhekwe ngabomvu e-Pretoria High Court ngoLwesithathu.

 u-Masipa uthi ukugweba u-Pistorius isikhathi eside edonsa ejele angeke kube ubulungiswa njengoba lo msubathi esevele edonse izinyanga eziyi-12 futhi ubeqala ukwenza ubugebengu kanti futhi mancane amathuba okuthi aphinde okungalungile.

Ngaphambilini i-Supreme Court of Appeal yaguqula icala la-Pistorius lokubulala ngokungenhloso, kwaba yicala lokubulala.

i-National Prosecuting Authority (NPA) iyona eyaphonsela inselelo isinqumo sokubeka u-Pistorius icala lokubulala ngokungenhloso ukuze siguqulwe sibe yicala lokubulala.

u-Pistorius wadubula wabulala u-Steenkamp endlini yangasese emzini wakhe (u-Pistorius).

Kusukela mhla zingama-20 October 2015 u-Pistorius ubesegwetshelwe ekhaya.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

Related Posts