Uwile, washona umsebenzi wenkontileka yakwa-Eskom

uNgqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni, u-Lynne Brown, usedlulise amazwi enduduzo emndenini womsebenzi wenkontilaki yakwa-Eskom oshonele esiteshini sokuphehla amandla kagesi, i-Medipu power station.

Kubikwa ukuthi lo msebenzi uwile, washona ngoLwesibili ngenkathi esemsebenzini kulesi siphehlimandla esise-Limpompo, ngoLwesibili.

u-Brown uthi yize noma umufi ubengumsebenzi wenkontilaki, kodwa u-Eskom kumele aqinisekise ukuthi zonke izinkontilaki zilandela imithetho yezokuphepha.

“Ngiphatheke kabi ngokushona komsebenzi wenkontilaki futhi ngithanda ukudlulisa ukuzwelana nomndeni wakhe kanye nozakwabo,” kusho u-Brown.

Uqhube wathi usecele u-Eskom ukuba uhlale njalo ebuyekeza imigudu yezokuphepha endaweni yokusebenzela ukuze kugwenywe noma kuncishiswe izingozi.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 

Related Posts