Ukhozi FM luxoshe uChilli M

Ijazi seligcwale umoya komunye wabasakazi boKhozi FM obengaconsi phansi kubalaleli balo msakazo, uVukani Masinga, odume ngelika-Chilli M.

u-‘Chilli M’, obephinde aziwe ngelika-‘Daddy’, ubeshayela uhlelo lwasemini olungena ngo-12:00-15:00, phakathi nesonto, i-Nethezeka NoKhozi, ngokubambisana no-Nonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi.

NgoLwesine inhlangano yezokusakaza ngomoya kuleli, i-South African Broadcasting Corporation (SABC), ikhiphe isitatimende nalapho iqinisekise ukuthi isiyinqamulile inkontileka yalo msakazi nokusho ukuthi iphimbo lakhe engeke lisazwakala oKhozini.

“Ukuxoshwa kwakhe kulandela uphenyo mayelana nezinsolo zokukhokhelwa ngokudlalwa komculo. uMnumzane Masinga uvumile ukuthi wamukela okuthile okungamatshontsho ukuze adlale umculo wabantu ababemhehile,” kubeka i-SABC.

Akugcini lapho njengoba i-SABC ithi isithathe isinqumo sokubeka amacala zonke izinhlaka ezithintekayo kulezi zinsolo.

Lesi sikhondlakhondla senhlangano yezokusakaza siphinde sagcizelela ukuthi sisazoqhubeka nokulwa  nokukhwabanisa kanye nenkohlakalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-January 2014 i-SABC yaxosha omunye owayengumsakazi woKhozi FM ongaconsi phansi kubalaleli, uLinda ‘Mr Magic’ Sibiya, ngezinsolo zenkohlakalo nokukhwabanisa.

Lesi silomo somsakazi esidume ngezinkulumo ezigqugquzelayo (motivation) kanye nokucaphuna amazwi ebhayibhelini, kubikwa ukuthi saxoshwa mayelana nezinsolo zokuqoqa imali yemicimbi eyayihlelwa yinkampani yakhe, i-Magic Communications, esebenzisa igama loKhozi noma le-SABC.

uSibiya waziphika lezi zinsolo wathi uboshelwe amanqina enyathi futhi kukhona abahubhuza amanga ngaye.

uKhozi FM lungeminye yemisakazo engaphansi kwa-SABC kanti luhamba phambili  kuleli njengoba lunabalaleli ababalelwa ngaphezulu kuka-7 million.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: www.ukhozifm.co.za

Related Posts