Kuboshwe owesifazane ngokweba ingane enamasonto angu-6 izelwe

Owesifazane osolwa ngokweba ingane enamasonto ayisithupha (6) izelwe usekhalelwe ngamasango kaSigonyela.

Lo wesifazane oneminyaka engama-28 ubudala kubikwa ukuthi uboshwe ngoLwesihlanu ekuseni kwaKombose, ngamaphoyisa aKwaMsane.

Ukuboshwa kwakhe kulandela isigameko sangoLwesine, ngezikhathi zabo 13:30, nalapho okubikwa ukuthi umama wale ngane ubeyihambise emtholampilo osendaweni ukuze iyogonywa.

Kusolwa ukuthi lo wesifazane uye wathatha le ngane kumama wayo ngenxa yokuthi ibikhala.

“Umsolwa ukwazile ukulalisa ingane wabe esetshela umama ukuthi usayobheka usisi wakhe wabe esenyamalala nengane. Kuvulwe icala lokuthumba esiteshini samaphoyisa KwaMsane ukuze kuphenywe.

“Uboshwe emva kokuthi amaphoyisa ebelandela lonke ulwazi  oluvela emphakathini mayelana nokuthi ukuphi umntwana othunjiwe,” kubeka amaphoyisa.

Amaphoyisa athi asebenze ubusuku bonke elandela umkhondo wengane kanye nomsolwa nokugcine ngokuthi babhadame umsolwa elele nengane esigodini saseMkombose, KwaMsane.

“Ingane itholakale iphila yabe isiyiswa emtholampilo ukuze ibhekwe yabe isinikezelwa kubazali bayo ngokuhamba kwesikhathi,” kuqhuba amaphoyisa.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo yeMantshi KwaMsane ngoMsombuluko.

uKhomishana wamaphoyisa osabambile KwaZulu Natali, u-Major General Bhekinkosi Langa ubonge umphakathi ngokulekelelana namaphoyisa ukuze kutholakale umntwana esaphila.

“Ngiphinda nginxusa abazali ukuba bangazishiyi izingane zabo nabantu abangabazi uma ngabe besemitholampilo, ese-home affairs, isematekisini kanye nakwezinye izindawo,” kuxwayisa u-Langa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

 

Related Posts