Bashise ibhasi linabagibeli ‘abadilizelwe izindlu’

Ababhikishi okusolakala ukuthi bangabahlali basemijondolo eku-Kennedy Road, ngaphandle kweTheku, bathukuthele bashisa ibhasi linabagibeli phakathi emgwaqeni u-M19 ngaphambi kwa-N2, eduze nase-Springfield Park.

Kukholakala ukuthi lo mbhikisho uqale ngezikhathi zasekuseni ngoMgqibelo kanti kubukeka sengathi ababhikishi bebephuma iqhulu nezimoto zikaMasipala weTheku njengoba ibhasi elishisiwe kungelikaMasipala.

Ngaphezu kwalokho, ngoLwesihlanu kuye kwashiswa imoto eyiveni kaMasipala weTheku ngaku-Mngeni Road.

Kunezinsolo zokuthi  ababhikishi bathukutheliswe ukudilizwa kwezindlu zabo nguMasipala weTheku.

Abasizo lokuqala, abakwa-Rescue Care, bathi kukhona abantu abathole ukulimala ngenkathi kushiswa ibhasi kodwa abekho okubikwe ukuthi bashonile.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: @rescuecare

Related Posts