Isoka ‘lidubule’ intombi nomama wentombi bashona

Owesilisa oneminyaka engama-36 ubudala osolwa ngokudubula abulele intombi yakhe kanye nomama wayo ugcine ekhalelwe ngamasango kaSigonyela esikhathini esingaphansi kwamahora angama-24 kulandela ukubaleka kwakhe emva kwesigameko.

Ukuboshwa kwalo mlisa kulandela isigameko sangoLwesine, mhla ziyi-7 July 2016, ngezikhathi zehora leshumi ebusuku.

Ngokombiko wamaphoyisa, abesifazane ababili babesekhaya labo elise-Kranskop ngenkathi kufika umsolwa ekhaya labo elisesigodini saseKwazini, e-Kranskop, ezobona intombi yakhe.

“Kusolakala ukuthi umsolwa udubule wabulala intombi yakhe (25) kanye nomama wayo (50) emva kwengxabano. Umsolwa ubalekile endaweni emva kwesigameko,” kubika amaphoyisa.  

Kube sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa e-Kranskop ukuze kuphenywe.

Amaphoyisa athi asebenze ubusuku nemini elandela umkhondo womsolwa nokugcine ngokuthi aboshwe ngoLwesihlanu ekuseni, KwaDukuza.

“Ngokuqhubeka kophenyo, amaphoyisa athole i-9mm pistol endaweni yaseNanda okusolwa ukuthi yiyo edubule abasifazane,” kuqhuba amaphoyisa.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo yeMantshi e-Kranskop ngoMsombuluko ngamacala amabili okubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nenhlamvu.

uKhomishana wamaphoyisa osabambile, u-Major General Bhekinkosi Langa, ukugxekile ukubulawa kwalaba besifazane.

“Laba besifazane ababili abebengakwazi ukuzivikela badutshulwe babulawa ngaphandle kwesizathu esicacile. Nginxusa umphakathi ukuthi usukume bese ubika izigebengu ezinezibhamu ezingekho emthethweni njengoba zineqhaza ekubulaleni,” kunxusa uLanga.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

 

Related Posts