I-SABC ithi izobhekana ‘namazambane abolile’ ngaphakathi

Inhlangano esakaza ngomoya kuleli, i-South African Broadcasting Cooperation(SABC), ithi iphezu komkhankaso wokubhekana ngqo nabasebenzi bayo abasebenzisa nabathile ngenhloso yokudicilela phansi i-SABC.

Lokhu kushiwo yi-Chief Operating Officer (COO) ye-SABC, u-Hlaudi Motsoeneng, esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.

“Sizobhekana, ikakhulukazi nabantu abangaphakathi enhlanganweni. Sikubiza nge-Operation Cleanup, kule nhlangano. Ngoba singumqashi la. Kumele uthembeke kwinhlangano yakho. Kunoma iyiphi inhlangano kunemithetho,” kuxwayisa u-Motsoeneng.

Kwenzeka lokhu nje kunenqwaba yabasebenzi ba-SABC ababhekene nokuqondiswa izigwegwe kanti abanye sebemisiwe.

Abanye balaba basebenzi basolwa ngokungalandeli imigomo emisha ye-SABC njengoba isanda kuthatha isinqumo sokuvala ukusakazwa kwemibhikisho enodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts