I-SABC iyalelwe ukuba iyeke ukusefa imibhikisho enodlame

Inhlangano elawula ezokusakaza kuleli, i-Independent Communications Authority of SA (Icasa), isiyalele i-South African Broadcasting Corporation (SABC) ukuba ihoxise isinqumo sayo sokungasakazi imibhikisho enodlame nokucekelwa phansi kwemphahla.

Izinhlangano ezehlukene, okubalwa kuzo i-Media Monitoring Africa kanye ne-Save Our SABC Coalition zafaka isikhalo kwi-Icasa ngalesi sinqumo se-SABC.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-SABC yathatha isinqumo sokungabe isayisakaza imibhikisho enodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla ngoMay 2016, nokuyisinqumo esasusa umsindo ezinhlakeni ezahlukene zomphakathi wakuleli.

i-SABC yathi ikholwa ukuthi ukusakazwa kwalezi zigameko ezinodlame kumabonakude yikhona okugqugquzela ukuthi zibhebhetheke kakhulu.

Yathi ngaso sonke isikhathi uma kunamakhamera abantu babanomkhuba wokuthi benze konke okusemandleni ukuthi benze izinto ezifana nokucekelwa phansi kwempahla.

Esinqumweni sayo, i-Icasa ithole ukuthi i-SABC iphule umthetho wezokusakaza, i-Broadcasting Act, yabe isiyalela i-SABC ukuba iguqule lesi sinqumo bese ibuyela (i-SABC) kuyo(i-Icasa), iyibikele ukuthi isisiguqulile isinqumo, kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts