I-SABC izolwa nomyalelo wokuthi iyeke ukusefa imibhikisho enodlame

Inhlangano esakaza ngomoya kuleli, i-Southi African Broadcasting Corporation (SABC), isifunge yagomela ukuthi izolwa kuze kube sekugcineni nesinqumo senhlangano eyengamele ezokusakaza kuleli, i-Independent Communications Authority (Icasa), enqume ukuthi i-SABC iguqule isinqumo sayo sokuvala ukusakazwa kwemibhikisho enodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla.

i-Chief Operating Officer (COO) ye-SABC, esihlale isezindabeni kulezi zinsuku, u-Hlaudi Motsoeneng, ishaye phansi ngonyawo esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko yathi beyi-SABC bazophikisana nalesi sinqumo futhi bazimisele ukulwa baze bafike eNkantolo yoMthethosisekelo.

“Sisiphonsela inselelo leso sinqumo, ukuze kuthi uma kunesindingo sokuthi siye e-Constitutional Court, yilapho udaba luzophetha khona. Asizukushitsha lutho, abantu kumele bakhohlwe,” kugcizelela u-Motsoeneng.

u-Motsoeneng uthi i-SABC ikuqonda kahle ekwenzanyo futhi ikholwa ukuthi ihambisana nomthetho wezokusakaza kanye nokulawulwa kwemigomo yokusakaza.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-SABC yathatha isinqumo sokungabe isayisakaza imibhikisho enodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla ngoMay 2016, nokuyisinqumo esasusa umsindo ezinhlakeni ezahlukene zomphakathi wakuleli.

i-SABC yathi ikholwa ukuthi ukusakazwa kwalezi zigameko ezinodlame kumabonakude yikhona okugqugquzela ukuthi zibhebhetheke kakhulu.

Yathi ngaso sonke isikhathi uma kunamakhamera abantu babanomkhuba wokuthi benze konke okusemandleni ukuthi benze izinto ezifana nokucekelwa phansi kwempahla.

Izinhlangano ezehlukene, okubalwa kuzo i-Media Monitoring Africa kanye ne-Save Our SABC Coalition zafaka isikhalo kwi-Icasa ngalesi sinqumo se-SABC.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Rescue Care

Related Posts