Sekuqalwe uphenyo ngengozi ebulale abantu abangu-11

Iziphathimandla seziqale uphenyo ngembangela yengozi edlule nemiphefumulo yabantu abayi-11, kwaphinda kwalimama kanzima abayi-8, e-Harding, KwaZulu Natali.

Ngokusho kwabe-Road Traffic Management Corporation (RTMC), imoto eyiveni iye yagingqika emgwaqeni u-D1079 e-Harding, ngeSonto.

Imibiko ithi leli veni belithwele amakholwa angama-22 ngenkathi kwenzeka ingozi kanti kusolwa ukuthi umshayeli iye yamphunyuka imoto nokuholele ekutheni ichithe abagibeli ngenkathi isigingqika.

Omunye wabasinde kule ngozi, nobehleli ngaphambili, utshele abezindaba kanye nethimba likahulumeni ukuthi imoto ibidla amagalane ngesikhathi sengozi wathi umxwayisile umshayeli ukuthi akehlise ijubane kodwa wathi ayisabambeki.

Umshayeli wemoto kuthiwa uphume enganamyocu kanti usebekwe amacala ayi-11 okubulala ngokungenhloso.

“Ongoti bazohlola imoto, isimo somgwaqo, kanye nokuziphatha komshayeli esikhathini esingaphambi kokuba kwenzeke ingozi ukuze kutholakale okoyiyona mbangela yokugingqika,” kusho i-RTMC.

Le nhlangano ithi le ngozi ibuyisela emumva imizamo yezwe yokunciphisa isibalo sezingozi emgwaqeni kanye nokulahleka kwemiphefumulo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

 

Related Posts