Badedelwe abasolwa ngokushisa umuzi nemoto yekhansela

Abasolwa abayisithupha (6) kwabayisikhombisa (7) abasolwa ngokushisa umuzi kanye nemoto yekhansela badedelwe ngebheyili emva kokuvela eNkantolo yeMatshi, eMhlali, KwaZulu Natali, ngoLwesibili.

Laba basolwa baboshwe ngoMsombuluko ekuseni kulandela umkhankaso obuqhutshwa ngamaphoyisa ase-Phoenix kanye nawaseMandeni.

Ukuboshwa kwabo kuhlobene nesigameko sango-February 2016, nalapho iqulu lababhikishi ababethukuthele begane unwabu bagasela emzini wekhansela lendawo e-Shaka’s head, eMhlali.

Kusolwa ukuthi leli qulu lafike lashisa umuzi wekhansela kanye nemoto yalo (ikhansela) eyayisegcekeni.

Abasolwa balinganiselwa eminyakeni engama-23 kuya kwengama-45 ubudala.

Abasolwa abayisithupha badedelwe ngebheyili yezi-R2000, umuntu ngamunye, kanti kulindeleke ukuba baphinde bavele enkantolo mhla ziyi-18 August 2016.

Umsolwa oyedwa usagcinwe esitokisini kuze kube umhla ziyi-14 July 2016 ukuze kuqhubekwe nophenyo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts