Zizoqina ezokuphepha kwingqungquthela yengculazi eThekwini

Abezokuphepha eNingizimu Afrika sebethembise ukuthi ezokuphepha zizobe ziqinisiwe njengoba sekusele izinsukwana ngaphambi kokuba kuqale ingqungquthela enkulukazi yesifo sengculazi emhlabeni wonke, i-2016 AIDS Conference.

Lo mcimbi uzobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini , ngoMsombuluko, mhla ziyi-18-22 July 2016.

Zibalelwa ku-18 000 izithunywa okulindeleke ukuba zitheleke ngobuningi kwelikabhanana kanti kuzona kulindeleke nezikhulu ezikhethekile kanye nezintatheli eziyi-1 000 ezivela emazweni ali-180 ahlukene.

Ithimba lezokuphepha elibandakanya iminyango eyahlukene kahulumeni linezinhlelo zokwandisa ukubonakala kwabezokuphepha kanjalo noxhaso lwezasemoyeni (izindiza) ukuze kubhekwane ngokushesha nezimo ezingase ziphuthume.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Brigadier Vishnu Naidoo, uthi uhlelo lwabo luzogxila emingceleni, izindlela, idolobha (iTheku), ukutshalwa kwabezokuphepha endaweni yale ngqungquthela (ICC) kanye nokulawulwa kwabantu abayisixuku.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts