Amaphoyisa esifundazweni sakwaZulu Natali asexwayise ngokwanda kwezigameko zobugebengu obuhlobene nokuhanjiswa kwemininingwane ephathelene nezimali ezisuke zitholwe abakhokhi bentela kanye nokusebenza kwazo (tax return) kubaqoqi bentela, i-South African Revenue Service.
Ngokusho kwamaphoyisa kulesi sifundazwe, isiteshi samaphoyisa e-Point sesivule inqwaba yamacala aphathelene nama-tax return kusukela kuqale inyanga ka-July 2016.
“Kusolakala ukuthi izisulu zithole ama-RIP5 zase zaya emahhovisi akwa-SARS ukuze zihambise ama-tax return azo. Uma ngabe zifika, zitshelwa ukuthi ama-tax return azo aselethiwe nge-e-filling futhi angeke zikwazi ukuphinde ziwalethe,” kubeka amaphoyisa.
Kuthiwa laba abagilwe le mikhuba bathuke boma njengoba bebengenalwazi lokuhanjiswa kwama-tax return abo ngohlelo lwe-e-filling.
“Amacala amaningi asevulwe esiteshini samaphoyisa e-Point mayelana nalokhu kuqola. Amaphoyisa aphenya amacala okukhwabanisa kanti abekho asebeboshiwe.
“Sinxusa umphakathi ukuthi uqinisekise ukuthi amaphepha abo ahlale ephephile futhi banganikezi noma ngubani njengoba bengasebenzisa lolo lwazi ukuqola u-SARS,” kunxusa u-SARS.
Image: Wikipedia.org