Umuntu oyedwa ushonile kwathi abanye abathathu bathola ukulimala ngenkathi kushayisana kanzima izimoto e-Hatfield, ePitoli.
Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bazithele phezu kwale ngozi ngenkathi bephindela esiteshini sabo, kwimpambanamgwaqo ya-Pretorius kanye no-Grosvenor Street.
“Bathole izimoto ezimbili zishayisene kwimpambanamgwaqo nalapho enye yezimoto ibiphenduke ngokuphelele futhi ishayise erobhothini.
“Abantu abathathu batholakale kwi-VW benokulimala okuningi. Okubuhlungu, umshayeli wemoto utholakale nokulimala okunzima. Akukho okunye abosizo lokuqala abebesengakwenza kuyena wabe esehlonzwa njengomuntu oseshonile ngabakwa-ER24 endaweni yesigameko,” kubika abakwa ER24.
Kukholakala ukuth lo wesifazane oshonile ubeneminyaka engama-26 ubudala.
Abanye abagibeli ababili abebesemotweni bathole ukulimala okunzima kanye nokulimala okungatheni kanti kuye kwadingeka ukuba batakulwe emotweni.
Balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela i-Tshwane District Hospital ukuze bathole okunye ukwelashwa.
Ngakolunye uhlangothi umshayeli wemoto yohlobo lwe-Mercedes naye kubikwa ukuthi utholakale endaweni yesigameko enokulimala okungatheni kanti naye uye wathola ukwelwashwa ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela.
Image: ER24