Kuzovalwa imigwaqo ngezinsuku zengqungquthela yengculazi eThekwini

Imigwaqo embalwa kulindeleke ukuba ivalwe ngezinsuku okuzobe kubanjwe ngazo ingqungquthela yengculazi yomhlaba wonke, i-2016  AIDS Conference, eThekwini.

Le ngqungquthela engenkulukazi emhlabeni wonke izobanjelwa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoMsombuluko, mhla ziyi-18-22 July 2016.

Zibalelwa ku-18 000 izithunywa okulindeleke ukuba zitheleke ngobuningi kwelikabhanana kanti kuzona kulindeleke nezikhulu ezikhethekile kanye nezintatheli eziyi-1 000 ezivela emazweni ali-180 ahlukene.

uMasipala weTheku usuxwayise izakhamizi kanye nabashayeli bezimoto ukuthi baqaphele ngeminye yemigwaqo ezovalwa.

  • Umgwaqo u-Walnut Road uzovalwa wonke.
  • Azikho izimoto ezizovunyelwa ukuba zingene e-ICC, ngaphandle kwezimoto ezithuthayo.
  • Indawo yokungena engaphambili, ngasohlangothini lwasemahhovisi akwa-Nedbank, lwe-ICC, kuzovalwa kuyo umzila owodwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts