Bazovela enkantolo ‘ababanjwe’ nenqwaba yezidakamizwa

Abalisa ababili abasolwa ngokubhadanywa nenqwaba yezidakamizwa Osizweni, KwaZulu Natali, kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoMsombuluko.

Lokhu kulandela izigameko ezimbili ezenzeka ngoLwesine nalapho amaphoyisa ophiko lwe-Tactical Response Team (TRT) e-Ladysmith, ayeqhuba umkhankaso wokulwa nezidakamizwa Osizweni, e-Newcastle.

Amaphoyisa anikela kwenye yezindlu ezisesigcemeni sakwa-B, kulo leli lokishi, nalapho afike azithela phezu kwamaphilisi ayi-3 000 esidakamizwa sohlobo lwe-mandrax kanye nensangu eyisisindo esiyi-1.4kg. Kuboshwe umsolwa oyedwa ngalesi sigameko.

AbakwaSidlodlo babe sebeqhubekela kwenye indlu esepulazini, i-Ntendeka, nalapho kwaphinde kwatholakala amaphilisi ayi-1 458 esidakamizwa sohlobo lwe-mandrax kanye nensangu eyisisindo esiyi-6.942kg. Kuphinde kwaboshwa omunye umsolwa oyedwa ngalesi sigameko.

Sezizonke lezi zidakamizwa ezitholwe amaphoyisa zilinganiselwa enanini elingama-R559 029.

Abasolwa ababili abaneminyaka engama-33 kanye nengama-40 ubudala bazovela enkantolo yeMatshi eMadadeni ngoMsombuluko mhla ziyi-18 July 2016 ngamacala okutholakala nezidakamizwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts