Kugxekwe inkohlakalo emaphoyiseni ngokushushumbiswa kwamantombazane

Amaphoyisa akuleli asethole ukugxekwa kulandela isigameko sokutakulwa kwamantombazane ayi-16 kanye nezidakamizwa e-Ekurhuleni, e-Gauteng.

Kulesi sigameko kutholakale izidakamizwa ezingabiza u-R150 000 wamarandi kanti kuboshwe abantu abayisithupha nababhekene namacala okushushumbiswa kwabantu kanye nokutholakala nezidakamizwa.

Uphiko lwama-Hawks kanye nezinye izinhlaka zomthetho bebeqhuba umkhankaso i-“Operation Expose” ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwamasipala wase-Ekurhuleni, okubalwa kuzo i-Benoni, i-Boksburg, i-Reiger Park, i-Eldorado Park kanye ne-Kempton Park.

iNhloko yama-Hawks, u-Lieutenant General Mthandazo Ntlemeza, uthi lo mkhankaso uzothumela umyalezo oqinile kubantu abasebenza ngezidakamizwa kanye nabashushumbisa abantu.

“Kumele ngikubalule ngaphandle kokwesaba ukuthi ngiphazamisekile ukuzwa ukuthi sisenezinhlese zokungathembeki ngaphakathi kwi-SAPS kanye ne-Metro Police yendawo abasebenza nalezi zigebengu,” kusho u-Ntlemeza.

u-Ntlemeza uthi izinsuku zamaphoyisa akhohlakele nasebenzisana nezigebengu sezibaliwe waphinde waxwayisa nangokuthi angase alahlekelwe yimisebenzi yawo.

Uthi yena kanye noKhomishana wamaphoyisa osabambile kuzwelonke, u-Lieutenant General Khomotso Phahlane, bazokhuculula ukungcola ngaphakathi ezinhlakeni zamaphoyisa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Hawks

 

Related Posts