Ugwetshiwe osolwa ngokudlwengula intombazane (15) ephazamiseke emqondweni

Ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili nesihlanu (25) ebhadla ejele umlisa obebhekene necala lokudlwengula intombazane ekhubazeke ngokomqondo eMpangeni, KwaZulu Natali.

u-Bhekumuzi Manzini, oneminyaka engama-54 ubudala, usolwa ngokudlwengula ephindelela le ntombazane eneminyaka eyi-15 ubudala e-Obizo Reserve, eMpangeni.

Ngo-October 2014, kubikwa ukuthi le ntombazane yayisekhaya ngenkathi kufika umsolwa owayithembisa ukuyipha upopo ngaphambi kokuba ayidlwengule.

Kuthiwa umsolwa wabe esesabisa le ntombazane ngokuthi ingalokothi iyithi vu le ndaba.

“Umsolwa ubeqhubeka nokudlwengula isisulu uma ngabe abadala bengekho ekhaya kwaze kwaba isisulu siyakhulelwa ngo-November 2014,” kubika abakwa-South African Police Service (SAPS).

Kubikwa ukuthi ubabekazi wale ntombazane waqaphela ukuthi yayingazizwa kahle nokuyilapho abe eseyipheka khona ngemibuzo.

Kuthiwa le ntombazane yagcina ilibhobozile ithumba, yathi uManzini ubenomkhuba wokuyidlwengula uma ngabe kungekho muntu ekhaya.

Kodwa-ke kuthiwa umsolwa waphika wama ngentamba ngenkathi ebuzwa ngalezi zinsolo waphinde wasabisa ngokubulala labo ababembuza ngalolu daba.

Ngokombiko wamaphoyisa imiphumela yolibofuzo (DNA) iveza ukuthi uManzini uhlobene nalesi sigameko.

Waboshwa ngo-November 2014 kanti ubelokhu egcinwe esitokisini kwaze kwaba uyagwetshwa emva kokunqatshelwa ibheyili.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

 

Related Posts