I-SABC isishaye ungqimphothe ngokusakazwa kwemibhikisho enodlame

Inhlangano esakaza ngomoya kuleli, i-South African Broadcasting Corporation (SABC) iphume enkantolo isicula iculo elehlukile mayelana nesinqumo sayo esasusa umsindo sokuthi angeke isayisakaza imibhikisho enodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla.

Lokhu kuza emva kokuthi i-Helen Suzman Foundation ifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yasePitoli ngenhloso yokuba i-SABC iguqule lesi sinqumo sayo.

i-SABC ikhale ngaphansi ngoLwesithathu njengoba inkantolo iyalele i-SABC ukuba ingalokothi iqhubeke nalesi sinqumo sayo.

Kusukela ngo-May 2016 ibibonakala ingazimisele neze ukugoba uphondo i-SABC ngesinqumo sayo njengoba yathi ikholwa ukuthi ukusakazwa kwalezi zigameko ezinodlame kumabonakude yikhona okugqugquzela ukuthi zibhebhetheke.

Kwale noma inhlangano eyengamele ezokusakaza kuleli, i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) iyalela i-SABC ukuba iguqule lesi sinqumo sayo sokusefa izindaba, kodwa i-SABC yathi yona yathola isincomo kwi-Icasa, hhayi umyalelo.

i-COO ye-SABC, u-Hlaudi Motsoeneng, wakubeka kwacaca ukuthi akekho umuntu ozotshela i-SABC ukuthi yenzeni.

Kodwa-ke okhulumela i-SABC, u-Kaizer Kganyago, uphume enkantolo esecula iculo elehlukile njengoba ephike walala ngomhlane ukuthi i-SABC yathi angeke isayisakaza imibhikisho enodlame, wathi kwaba nokuhlanekezelwa kwenkulumo ngesinqumo se-SABC.

“Asikaze sisho  ukuthi asizukuyisakaza imibhikisho enodlame. Yinto eyakhiwa ngabantu,” kusho u-Kganyago.

Lesi sinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli nge-SABC kuseyisinqumo sesikhashana njengoba lo mgomo usazocujungulwa ezinkantolo.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts