Uboshiwe obanjwe ‘edayisa’ izimoto ezebiwe

Inhlanzi ishelwe ngamanzi kumlisa osolwa ngokudayisa izimoto ezebiwe kulandela ukungaphumeleli kwemizamo yokudayisa lezi zimoto e-Hillcrest, KwaZulu Natali.

Ngokombiko wabakwa-South African Police Service (SAPS) lo mlisa oneminyaka engama-41 ubudala kusolwa ukuthi udayise izimoto ezimbili, okuyi-Toyota Fortuner kanye ne-VW Polo, nokuthiwa ubezidayisela usomabhizinisi kodwa wanqaba ukukhipha amabhuku ezimoto (log books).

“Amaphoyisa abikeliwe ngalesi sigameko. Ngesikhathi kuphenywa, amaphoyisa athole ukuthi i-Fortuner yathathwa ngesikhathi kudunwa endlini ese-Morningside, eThekwini kanti i-Polo yebiwa e-Point Road, eThekwini,” kubika abakwa-SAPS.

Umsolwa uboshiwe waphinde wabekwa icala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanti ngaphezu kwalokho amaphoyisa athi uzophinde ayamaniswe nezigameko zokuduna endlini kanye nokuntshontshwa kwemoto. Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi e-Pinetown maduzane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: SAPS

Related Posts