Sekwethulwe uhlobo olusha lwama-condom

Uhulumeni waseNingizimu Afrika usethule uhlobo lwama-condom olusha futhi abukeka ngendlela ehlukile kunalawo ajwayelekile.

Inhloso yalokhu ukuheha intsha njengoba kuye kwaba nezikhalo ngaphambilini ngokuthi ama-condom amadala, aziwa ngama-choice, awathandwa futhi awahehi entsheni.

uNgqongqoshe wezempilo, u-Dr Aaron Motsoaledi, wethule lama jazi omkhwenyana amasha, abizwa nge-Max, kwi-2016 International Worlds Conference eqhubekayo e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini.

“Amakhondomu amasha, e-Max, athembekile. Anikeza ukuvikeleka okuphezulu, yinjabulo ephezulu kanye nokuphepha okuphezulu,” kusho uDokotela Motsoaledi.

Uhulumeni ukhiphe unyawo kulokhu njengoba lama-condom ezotholakala ngama-flavour ehlukene okubalwa i-strawberry, i-banana, i-chocolate kanye ne-vanilla – nokuyinto ebingatholakali kuma-choice.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Department of Health Twitter account

Related Posts