Owesilisa (51) ugwetshelwe ukudlwengula intombazanyana (5)

Ugwetshwe iminyaka engamashumi amabili nesihlanu (25) edonsa ejele owesilisa osolwa ngokudlwengula intombazanyana eneminyaka emihlanu (5) ubudala eMpangeni, KwaZulu Natali.

Ngo-January 2010 kubikwa ukuthi le ntombazanyana yayisendleleni eya esikoleni ngenkathi izithola isigxavunwa umsolwa maqede wayifaka endlini yakhe nalapho abe eseyidlwengulela khona.

Kubikwa ukuthi  yasatshiswa umsolwa ukuze ingalokothi itshele muntu ngalesi sigameko ngoba uzoyibulala.

Kodwa-ke uthisha wale ntombazanyana kuthiwa waqaphela ukuthi yayingazizwa kahle nokuyilapho eyagcina ibikile ngokudlwengulwa kwayo nokwaholela ekutheni kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa eMpangeni ngo-July 2015.

Umsolwa waboshwa mhla zingama-23 October 2015 kanti ubelokhu egcinwe esitokisini emva kokunqatshelwa ibheyili.

NgoLwesine iNkantolo yesiFunda eMpangeni ilahle umsolwa ngamacala maqede yamugweba iminyaka engama-25 edonsa ejele.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Pixabay.com

 

Related Posts