Uboshiwe ‘obesebenzisa uWhatsApp ukudlwengula abesifazane’

Zigcine zimkhalele owesilisa osolwa ngokusebenzisa inkundla yezokuxhumana eyintadokazi kuleli, u-WhatsApp, ukuze ayenge abesifazane maqede abadlwengule e-Fairbreeze, e-Tongaat.

Lo mlisa oneminyaka engama-37 ubudala, kuthiwa ubesebenzisa le nkundla yezokuxhumana ukuze ahehe abesifazane ngokuthi abathembise umsebenzi bese eyabadlwengula aphinde ababambe inkunzi.

Kusolwa ukuthi wathembisa abesifazane ababili imisebenzi wabe esebathatha wabayisa endaweni ethe ukuqhela nokutshalwe kuyo izimoba. Kuthiwa wabe esebopha oyedwa kulaba besifazane  ngenkathi ematasa nokudlwengula omunye.

“Isisulu sikwazile ukuphunyula sabe sesithinta amaphoyisa. Ngenkathi efika athole ukuthi umsolwa usephunyulile,” kubika amaphoyisa.

Amaphoyisa athi umsolwa uqhubekile nokugila imikhuba efanayo kanti akazi ukuthi useqashwe ngeso lo khozi.

Kusolwa ukuthi ubefike adlwengule abesifazane maqede ababambe inkunzi izinto zabo okubalwa kuzo ama-cellphones ukuze awasebenzise ekudobeni abanye besifazane abazana nezisulu.

Umsolwa zigcine zimkhalele ngoLwesine nalapho amaphoyisa ethi ubephezu kwezinhlelo zokudoba omunye wesifazane ngendlela efanayo.

Kulindeleke ukuba abekwe amacala okudlwengula, ukubamba inkunzi kanye nokuthumba kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo maduzane.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts