Owesifazane usinde ephonseka nemoto emhosheni

Owesifazane uthole ukulimala ngenkathi imoto yakhe iphonseka emhosheni, nokuyibanga eligu-30 metres ukuya phansi, emgaqweni u-San Raphael Avenue, e-Warner Beach, eManzimtoti.

Ngokombiko wabosizo lokuqala, abakwa-ER24, bathi bafike endaweni yesigameko bathola lo wesifazane ehleli eceleni komgwaqo.

Abakwa-ER24 bathi bathe uma ngabe bemhlola bathola ukuthi uthole ukulimala okungatheni.

“Ulashiwe waphinde wathuthelwa esibhedlela ukuze athole okunye ukwelashwa. Imbangela yengozi ayaziwa,” kubika abakwa-ER24.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: ER24

Related Posts