U-Eskom uxwayisa ngezikhangiso zokhetho ezigxotsheni zikagesi

Isikhungo esiphehla ugesi kuleli, u-Eskom, sesixwayise abamaqembu ezepolitiki ukuba bayeke ukubeka izingqwembe zabo zokukhankasela ukhetho ezigxotsheni zikagesi kanye naseziteshini zikagesi ezincane.

Lesi sexwayiso siza njengoba liya ngokunyuka izinga lemikhankaso yamaqembu ezepolitiki ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya olubhekwe ngabomvu mhlaka-3 August 2016.

u-Eskom uthi usuqaphele ngomkhuba oyingozi wokubekwa kwezingqwembe zokukhankasela ukhetho ezigxotsheni zikagesi kanye neziteshi zikagesi ezincane.

“u-Eskom ungathanda ukukhumbuza wonke amaqembu ezepolitiki  ngengozi emayelana nokubekwa kwezingqwembe zokhetho ezinhlakeni zikagesi,” kuxwayisa u-Eskom.

Lesi sikhungo siqhube sathi lezi zinhlaka zikagesi zithwele ugesi onamandla kanti uma ngabe umuntu esondela kuzona noma ezithinta zingadala ukulimala okukhulu noma kulahleke umphefumulo.

Ngaphezu kwalokho u-Eskom uthi ukubeka izingqwembe ezinhlakeni zikagesi kuwukuphula umthetho, i-Occupational Health and Safety Act.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Commons.Wikimedia.org

Related Posts