Isexwayiso ngesimo sezulu kubashayeli

Abe-Road Traffic Management Corporation(RTMC) sebenxuse abashayeli bezimoto kanye nabezithuthi zomphakathi ukuthi bahlale beqaphele isimo sezulu esingesihle emgwaqeni nokulindeleke ukuba sisabalale izwe lonke.

Kusukela ngempelasonto izingxenye eziningi zezwe laseNingizimu Afrika zilokhu zigubuzelwe yizimvula ezinamandla ezihambisana nokubanda kanye nokukhithika kwezinye izindawo.

NgoMsombuluko kuye kwaba nokuphazamiseka kokuhamba kwezimoto ezifundazweni ezehlukene okubalwa kuzo i-KwaZulu Natali, Eastern Cape kanye ne-Western Cape kulandela ukuwa kweqhwa.

Ngaphezu kwalokho kube nezigameko eziningi ezibikiwe zokushayisana kwezimoto kanti ezinye izimoto ziye zamuka nezikhukhula nokuholele ekulahlekeni kwemiphefumulo.

Abakwa-South African Weather Services babika ukuthi ukuduma kwezulu kanye nezimvula ezinamandla kulindeleke ukuba kusabalale maphakathi nezwe kusuka ngoLwesibili kuze kube nguLwesine.

Esifundazweni i-Gauteng nakhona kulindeleke ukuthi kube nezimvula ezinamandla ezihambisana nokuduma kwezulu ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

“Abashayeli bayanxuswa ukuthi bagcine amalambu abo ekhanya, banyuse ibanga lokulandela bese benciphisa isivinini uma ngabe kunesimo sezulu esinamanzi.

“Abashayeli kumele baphinde bagweme ukushayela uma ngabe liduma futhi lina kakhulu njengoba imigwaqo ishelela futhi kungabonakali kahle,” kuxwayisa abe-RTMC.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Rescue Care

 

Related Posts