Kuvalwe amabhishi eThekwini ngemuva kwezimvula

Izimvula ezinamandla ebezihlasele eThekwini seziholele ekutheni kuvalwe amabhishi angaconsi phansi kubathandi bezokungcebeleka kuleli dolobha ngenxa yomonakalo odalwe yilezi zimvula ezinamandla.

uMasipala weTheku usumemezele ukuthi i-North Beach kanye ne-South Beach asevaliwe ngenxa yokukhuphuka kolwandle kanye nomonakalo odalekile ngesikhathi sezimvula.

“Isinqumo sokuvala amabhishi sithathwe njengesinyathelo sokugwema ubungozi – ukuqinisekisa ukuphepha kwezakhamizi kanye nabavakashi,” kubeka uMasipala weTheku.

iTheku lithi mukhulu umonakalo odalekile ngenxa yalezi zimvula ezinamandla eziqale ngeSonto kanti ngaphezu kwalokho kunenqwaba yezingcucu zemikhumbi  kanye nokunye ukungcola okuntanta emanzini.

“Kuzoqaliswa umkhankaso omkhulu wokuhlanza. Umphakathi uzokwaziswa uma amabhishi esevuliwe,” kuphetha uMasipala weTheku.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikipedia.org

 

Related Posts